Esandleni Somusa
NgoMsindis' onami la empini,
Ngiyagcinwa noma kungathini
Ungisith' esivunguvungwini
Esandleni somusa
Esandleni somusa,
Esandleni somusa,
Ngiyagcinwa, noma kungathini
Esandleni somusa.
Ungigona ngemikhono yakhe,
Ngiyathokozisw' amazwi akhe,
Ngiyalondwa ngobuqhawe bakhe
Esandleni somusa
Yena akasoze angiyeke,
Ngingephucwe futhi kuye ngeke;
Ngoba ungiphethe ngesineke
Esandleni somusa
Home