Ngigumfokazi

Ngigumfokazi laph' emhlabeni,
Ngifun' izulu, ikhaya lam',
Nom' inkathazo isendleleni,
Ngophumelela ngoJesu wam':
Useceleni eduze nami,
Ebheka njal' ukuhamba kwam',
Uzongisiza nasekufeni,
Angingenise ekhaya lam'

Noma ngigqok' amanikiniki,
Ikhon' ingubo emhlophe qhwa.
Icolekile ngizoyembatha,
Mhla ngiqedile ibanga la.
Nxa nginosizi nezinkathazo,
Ngihlekw' usulu, ngidelwa nje,
Kolunga konke nxa ngingenile
Ekhaya lami elihle hle.

Noma ngithwele isiphambano,
Sinzima sona, ngisindwa la;
Ngizowuthola umqhele lapho,
Okokuphila. Haleluya!
Ngimbone yena ongithandayo,
Ngihlale naye uMfeli wam'.
Ngihube khona igam' elisha
Lokudumisa iNkosi yam'.

Home