Esiphambanweni
Entaben' ekude kwem' isiphambano
Esinobuhlungu nehlazo;
Ngisithanda sona, ngob' uJesu wami
Wabathelwa kuso ngenxa yam'
Ngakho ngisibabaza sona
Ngize ngibeke phans' umthwalo
Ngizobambelela kusona
Ngize ngizuze umqhele wam'
Leso siphambano esadelwa yizwe
siyangimangalisa njalo
Ngoba ngenxa yaso 'Jesu weza lapha
Asithwalele eGolgotha
Esiphambanweni l'oph' igazi lakhe
Elimangalisayo kimi
Ngoba ngenxa yami 'Jesu wafa khona
angithethelel' angihlanze
Esiphambanweni ngiyakuqinisa
Ngithwal' ihlazo ngenjabulo
Wongibiza mina khona ekhaya lam'
Angiqhelise ngomqhele wam'
Home